Amahubo 22:21-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Ngisindise emlonyeni wengonyama;nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.

22. Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho,ngikudumise phakathi kwebandla.

23. Nina enesaba uJehova, mbongeni;nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni,nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.

24. Ngokuba akadelelanga,akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;akamfihlelanga ubuso bakhe,kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

25. Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;izithembiso zami ngiyakuzigcwalisaphambi kwabamesabayo.

Amahubo 22