Amahubo 148:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Futhi wakumisa kuze kube phakade;washaya umthetho ongenakweqiwa.

7. Mdumiseni uJehova emhlabeninina mikhomo nezintwa zonke,

8. nawe mlilo nesichotho,liqhwa nenkwezane,nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,

9. nani zintaba namagquma onke,nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,*

10. nani zilwane nezinkomo zonke,nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,

11. nani makhosi omhlaba nabantu bonke,nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,

12. nani zinsizwa nezintombi,nani maxhegu nabafana.

Amahubo 148