4. Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embiukuba ngenze imisebenzi yobubikanye nabantu abenza okubi,ngingadli izibilebile zabo.
5. Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;angisole, kungamafutha ekhanda;ikhanda lami malingawenqabi,ngokuba nasebubini babo umkhulekowami uyobe usekhona.
6. Abahluleli babo bayakuphonswa eweni;bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7. Njengalokhu umuntu elima,eklaya umhlabathi,amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8. Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami;ngiyakwethemba wena;ungathululi umphefumulo wami.