Amahubo 135:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Wathuma izibonakaliso nezimangalisophakathi kwakho, Gibithe,phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10. Washaya izizwe ezinkulu,wabulala amakhosi anamandla:

11. uSihoni inkosi yama-Amori,no-Ogi inkosi yaseBashani,nemibuso yonke yaseKhanani.

12. Wanika izwe labo laba yifa,laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13. Jehova, igama lakho limi phakade;isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14. Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,ahawukele izinceku zakhe.

Amahubo 135