Amahubo 119:94-100 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

94. Ngingowakho, ngisindise,ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.

95. Ababi bahlalele ukungibhubhisa,kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

96. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke,kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.

97. Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka.Usuku lonke ngizindla ngawo.

98. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami,ngokuba inami kuze kube phakade.

99. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo,ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.

100. Nginokuqonda kunabadala,ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.

Amahubo 119