150. Bayasondela abalandela ukonakala;bakude nomthetho wakho.
151. Wena Jehova useduze;imiyalo yakho yonke iyiqiniso.
152. Kudala ngazile ngobufakazi bakhoukuthi ubusekele kuze kube phakade.
153. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule,ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.
154. Mela indaba yami, ungihlenge,ungiphilise ngokwezwi lakho.