Amahubo 119:129-137 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

129. Ubufakazi bakho buyisimangaliso;ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.

130. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

131. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela,ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.

132. Bheka kimi, ube nomusa kiminjengokufanele abathanda igama lakho.

133. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;makungangibusi nobubodwa ububi.

134. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu,ukuze ngigcine iziyalezo zakho.

135. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho,ngifundise izimiso zakho.

136. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami,ngokuba abagcini umthetho wakho.

137. Wena Jehova ulungile;izahlulelo zakho ziqotho.

Amahubo 119