Amahubo 106:7-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe,abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa;bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.

8. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe,ukuze abonakalise amandla akhe.

9. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha;wabaholela ekujuleni njengasehlane.

10. Wabasindisa esandleni sababazondayo,wabakhulula esandleni sesitha.

11. Amanzi asibekela izitha zabo;akwasala noyedwa kubo.

12. Khona bakholwa ngamazwi akhe,bahlabelela udumo lwakhe.

13. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe,abalindelanga isiluleko sakhe.

14. Bahaha nokuhaha ehlane,bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.

15. Wabanika abakufisayo,kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

16. Baba nomhawu ngoMose ekamu,*nango-Aroni ongcwele kaJehova.

17. Umhlaba wavuleka,wamgwinya uDathani,wagqiba iviyo lika-Abiramu.

Amahubo 106