6. Sonile kanye nawobaba;senzile okubi, sonakala.
7. Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe,abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa;bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.
8. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe,ukuze abonakalise amandla akhe.
9. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha;wabaholela ekujuleni njengasehlane.
10. Wabasindisa esandleni sababazondayo,wabakhulula esandleni sesitha.