26. Wathuma uMose inceku yakhe,u-Aroni abemkhethile.
27. Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhenezimangaliso ezweni likaHamu.
28. Wathuma ubumnyama,wenza kwaba mnyama,kepha baphambana namazwi akhe.
29. Waphendula amanzi abo aba yigazi;wabhubhisa izinhlanzi zabo.
30. Izwe labo lagcwala amaselenasezindlini zamakhosi abo.
31. Wakhuluma, kwavela izibawunezinsensane eminceleni yabo yonke.