Amahubo 10:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe,nohulazayo uyamvalelisa,amdelele uJehova.

4. Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi:“Akanaki lutho;akakho uNkulunkulu,”injalo imicabango yakhe yonke.

5. Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke;izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe;zonke izitha zakhe uyazidelela.

6. Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa;izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”

7. Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova;ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.

8. Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi;ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala;amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.

Amahubo 10