Abahluleli 2:6-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. UJoshuwa esemukisile abantu, abantwana bakwa-Israyeli bahamba, yilowo nalowo waya efeni lakhe ukuba balidle izwe.

7. Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.

8. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.

9. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.

10. Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.

11. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali;

12. bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.

13. Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.

14. Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.

Abahluleli 2