Abahluleli 18:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Yayisithokoza inhliziyo yompristi, wayithatha ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu.

21. Baphenduka, bamuka, babeka izingane, nezinkomo, nempahla phambi kwabo.

22. Sebekude nendlu kaMika abantu abasezindlini eziseduze nendlu kaMika babuthana, babafica abantwana bakwaDani.

23. Bamemeza kubantwana bakwaDani, baphenduka, bathi kuMika: “Yini ukuba ufike nesixuku na?”

Abahluleli 18