Abahluleli 15:13-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Basho kuye, bathi: “Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha, sikunikele esandleni sawo, kodwa impela asiyikukubulala.” Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.

14. Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.

15. Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.

16. Wathi uSamsoni:“Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba,yebo, izinqwaba ezimbili,ngomhlathi wembongoloabantu abayinkulungwane.”

Abahluleli 15