20. Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.
21. Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.
22. Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.
23. Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.