Abahluleli 1:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.

21. Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.

22. Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.

23. Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.

Abahluleli 1