2 Usamuweli 9:5-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Inkosi uDavide yayisithuma yamlanda endlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari.

6. UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide, wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi: “Mefibosheti.”Wathi: “Nansi inceku yakho.”

7. UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”

8. Wakhuleka wathi: “Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na?”

9. Inkosi yayisimbiza uSiba inceku kaSawule, yathi kuye: “Konke okukaSawule nokwendlu yakhe yonke ngikunike indodana yenkosi yakho.

2 Usamuweli 9