8. Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu.
9. Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadadezeri,
10. uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.
11. Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile:
12. e-Aramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.