2 Usamuweli 3:30-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.

31. UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.

32. Bammbela u-Abineri eHebroni; inkosi yadazuluka, yakhala ngasethuneni lika-Abineri; nabantu bonke bakhala.

2 Usamuweli 3