6. Kepha onke amashinga ayakubanjengameva alahlwayo,ngokuba angephathwe ngesandla.
7. Kodwa umuntu owathintayowohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto,aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”
8. Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.
9. Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;
10. wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.
11. Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
12. Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.
13. Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
14. UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
15. UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.”
16. Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehama owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.
17. Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
18. U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.