2 Usamuweli 18:9-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide. U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi* wakhe, umnyuzi wangena phansi kwehlozi le-oki,* ikhanda lakhe labambelela e-okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.

10. Umuntu othile wakubona, wamtshela uJowabe, wathi: “Bheka, ngibone u-Abisalomu ephanyekekile e-okini.”*

11. UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo: “Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona, awele phansi, na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.”*

12. Wathi-ke umuntu kuJowabe: “Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami, nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: ‘Yilondeni insizwa u-Abisalomu.’

13. Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”

14. Wayesethi uJowabe: “Anginakulibala kanje nawe.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.*

15. Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.

16. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.

2 Usamuweli 18