2 Usamuweli 13:34-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.

35. UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi ayeza; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.”

36. Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.

2 Usamuweli 13