12. Ngokuba wena wakwenza ngasese, kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke naphambi kwelanga.’ ”
13. UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.”UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.
14. Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”
15. UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.
16. UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.