2 Usamuweli 12:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngokuba wena wakwenza ngasese, kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke naphambi kwelanga.’ ”

13. UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.”UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.

14. Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”

15. UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.

16. UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.

2 Usamuweli 12