2 Usamuweli 10:18-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho.

19. Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.

2 Usamuweli 10