11. UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.
12. Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.
13. Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile: “Ungowaphi na?”Wathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.”
14. UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”
15. UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa.
16. UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”
17. UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,
18. wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.
19. “Udumo lwakho, Israyeli,lubulewe ezindaweni eziphakemeyo.Yeka ukuwa kwamaqhawe!
20. “Ningakusho eGati,ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni,funa amadodakazi amaFilisti ajabule,namadodakazi abangasokile athokoze.
21. “Nina zintaba zaseGilibowa,makungabikho mazolo namvula phezu kwenu,nokugubha kotwa,ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa,isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.