13. Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.
14. Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;
15. kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.
16. Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
17. Ngiyakhonza ngesandla sami mina Pawulu, okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.
18. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.