2 Kwabasethesalonika 3:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.

14. Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;

15. kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.

16. Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

17. Ngiyakhonza ngesandla sami mina Pawulu, okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.

18. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.

2 Kwabasethesalonika 3