8. Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
9. lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,
10. nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
11. Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga,
12. ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.