2 Izikronike 28:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,

2. kepha wahamba ngezindlela zamakhosi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.

3. Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

2 Izikronike 28