2 Izikronike 24:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

2. UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi.

3. UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.

2 Izikronike 24