2 Izikronike 23:14-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJehoyada wayesezikhipha izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo: “Mkhipheni endlini, nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba;” ngokuba umpristi wathi: “Ningambulali endlini kaJehova.”

15. Base bemdedela nxazombili, waya ekungeneni kwesango lamahhashi endlini yenkosi; bambulala khona.

16. UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.

17. Bonke abantu baya endlini kaBali, bayibhidliza, baphahlaza ama-altare akhe nezithombe zakhe, babulala uMathani umpristi kaBali phambi kwama-altare.

18. UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.

19. Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.

2 Izikronike 23