2 Izikronike 23:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. U-Athaliya esezwa ukumemeza kwabantu begijima beyidumisa inkosi, waya kubantu endlini kaJehova,

13. wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni, izikhulu nabamacilongo bengasenkosini; bonke abantu bezwe bathokoza, bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa, bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ngugobe! Ngugobe!”

14. UJehoyada wayesezikhipha izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo: “Mkhipheni endlini, nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba;” ngokuba umpristi wathi: “Ningambulali endlini kaJehova.”

15. Base bemdedela nxazombili, waya ekungeneni kwesango lamahhashi endlini yenkosi; bambulala khona.

2 Izikronike 23