8. “Ngithumele futhi imisedari,* nemisayipuresi,* nemi-alimugi* evela eLebanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebanoni; bheka, izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho
9. ukungilungisela imithi eminingi, ngokuba indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu ngokumangalisayo.
10. Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli abagawula imithi, amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo, namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali,* namabhati* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.”
11. UHiramu inkosi yaseTire waphendula ngokuloba, wakuthuma kuSolomoni, wathi: “Ngokuba uJehova uyathanda abantu bakhe, ukubeke inkosi phezu kwabo.”
12. UHiramu wathi futhi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide inkosi indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nengqondo, eyakwakhela uJehova indlu nendlu yombuso wakhe.