1. UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no-Ahabi.
2. Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.