6. Kepha u-Asa inkosi wahamba naye wonke uJuda; basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayelakhe ngakho; wakha ngakho iGeba neMispa.
7. Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.
8. AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini, inezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho.
9. Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”
10. U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.