14. Wenza okubi, ngokuba akabhekisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.
15. Izindaba zikaRehobowamu, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaShemaya umprofethi nezika-Ido umboni, zibhalwe ngezizukulwane, na? Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.
16. URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide; u-Abiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.