2 Izikronike 12:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.

2. Kepha kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wakhuphukela eJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova,

3. enezinqola eziyinkulungwane namakhulu amabili, nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu babengenakubalwa abaphuma naye eGibithe: ngamaLubi, namaSuki, namaKushe.

2 Izikronike 12