4. ‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu.
5. URehobowamu wahlala eJerusalema, wakha imizi ukuba ibe yizinqaba kwaJuda.
6. Wakha iBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,
7. neBeti Suri, neSoko, ne-Adulamu,
8. neGati, neMaresha, neZifi,
9. ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,
10. neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini, imizi ebiyelweyo.
11. Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini.
12. Emizini yonke, yileyo naleyo, wabeka izihlangu nemikhonto, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe.
13. Abapristi namaLevi ayekwa-Israyeli wonke bazihlanganisa naye bephuma emikhawulweni yonke.