22. USamuweli wamthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni engumqoka phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abangamashumi amathathu.
23. USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.”
24. Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokho ngithe ngimemile abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku.
25. Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.