1 Usamuweli 9:17-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. USamuweli esembonile uSawule, uJehova wathi kuye: “Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ”

18. USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni, wathi: “Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.”

19. USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.

20. Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwa-Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?”

1 Usamuweli 9