19. Ngokuba uma umuntu efica isitha sakhe, uyasivumela ukuba sihambe ngendlela enhle na? UJehova makakuphindisele ngokuhle ngokwenzileyo kimi namuhla.
20. Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.
21. Ngalokho ngifungele uJehova ukuthi awuyikunquma inzalo yami emva kwami nokuthi awuyikwesula igama lami endlini kababa.”
22. UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.