1 Usamuweli 2:7-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UJehova uyaphofisa, abesecebisa;uyathobisa, abesephakamisa.

8. Uyamvusa ompofu othulini,uyaphakamisa impabanga ezaleni,abahlalise nezikhulu,badle ifa lesihlalo sobukhosi,ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova;ubekile izwe phezu kwazo.

9. “Uyakugcina izinyawozabathembekileyo bakhe,kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni,ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.

10. Abalwa noJehovabayakuphahlazwa;uyakuduma ezulwini phezu kwabo;uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba,anike inkosi yakhe amandla,aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”

11. U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umntwana wakhonza uJehova phambi kuka-Eli umpristi.

12. Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova.

13. Kwakungumthetho wabapristi kubantu ukuba, nxa umuntu enikela ngomhlatshelo, kufike inceku yompristi inyama isabila, iphethe ngesandla ingwegwe emazinyo mathathu,

1 Usamuweli 2