1 Usamuweli 19:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.

21. Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha.

22. Wayeseya naye eRama, wafika emthonjeni oseSeku, wabuza ukuthi: “Baphi oSamuweli noDavide na?”Kwathiwa: “Bheka, baseNayoti eRama.”

23. Wayeseya khona eNayoti eRama; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama.

1 Usamuweli 19