1 Usamuweli 16:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ukufika kwakho kunokuthula na?”

5. Wathi: “Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni.” Wabangcwelisa uJese namadodana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.

6. Kwathi sebefikile, wabheka u-Eliyabe, wathi: “Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe.”

7. Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”

8. UJese wayesebiza u-Abinadaba, wamdlulisa phambi kukaSamuweli. Wathi: “Nalona uJehova akamkhethanga.”

9. UJese wayesedlulisa uShama. Wathi: “Nalona uJehova akamkhethanga.”

1 Usamuweli 16