7. Ophethe izikhali zakhe wathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.”
8. Wayesethi uJonathani kuye: “Bheka, siyakuwela, siye kulabo bantu, sizibonakalise kubo.
9. Uma bethi kithi: ‘Hlalani size sifike kini,’ khona siyakuma endaweni yethu, singenyukeli kubo.
10. Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.”
11. Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti; amaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.”
12. Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.”UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”
13. UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.
14. Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu.