1 Usamuweli 14:16-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.

17. USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.

18. USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli.

1 Usamuweli 14