1 Usamuweli 13:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. USawule wabusa umnyaka; esebusile iminyaka emibili kwa-Israyeli.

2. USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBetlehema, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

3. UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.”

1 Usamuweli 13