4. Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela,
5. ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;
6. ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
7. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;