6. ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.
7. Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni.
8. Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
9. Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane;
10. nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho,
11. nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala,