1 Kwabasethesalonika 4:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.

2. Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.

3. Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni

4. ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha,

5. kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu

1 Kwabasethesalonika 4