8. okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;
9. kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:“Lokho iso elingakubonanga,nendlebe engakuzwanga,okungavelanga enhliziyweni yamuntu,uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”
10. Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
11. Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.