1 Kwabasekorinte 11:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.

2. Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.

3. Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.

4. Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha, ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo.

1 Kwabasekorinte 11